OPIINION PIECE: INQUBOMGOMO ESHICILELWE KAHLE AYICHAZI UKUTHI UMASIPALA USEBENZA NGOKULINDELEKILE

Oshicilele u Ali Gule

Help us oppose corruption

OUTA is standing up against government corruption and mismanagement. Our work is made possible though donations by our paying supporters.

14/05/2019 06:34:01

IQUBOMGOMO ESHICILELWE KAHLE AYICHAZI UKUTHI UMASIPALA USEBENZA NGOKULINDELEKILE


Kusemthethweni olindelekile ukuba bonke oMasipala babe nezinqubomgomo kanye nemiqingo yolwazi efinyelelayo kubantu. Lezinqubomgomo kanye nemiqingo kufanele itholakale emahhovisi oMasipala, emahhovisi emithombo yolwazi kanye nakuzo izingcukacha zoMasipala.   

Imiqingo okumele abantu bafinyelele kuyo ihlanganisa leyo ebizwa phecelezi nge Integrated Development Plan (IDP), equkethe ezezimali, imibiko yonyaka, izinqubomgomo zabampofu, izinqubomgomo ngokuqoqwa kwezikweletu, imithetho kaMasipala, izivumelwano ngokulethwa kwezidingo zabantu, kanye nezibophezelo ngokuthengiselana ngamanani athize. Kodwa-ke, izinqubomgomo azanele ukulekelela abantu, futhi azinalo ulwazi olwanele olwethembekile.

Noma ngabe oMasipala bangaba nengxenye yalezinqubomgomo, noma bangaba nazo zonke ziphelele, kuyafana ngoba basabhekeka bengawenzi umsebenzi ngendlela egculisayo. Ezikhathini eziningi, izinqubomgomo bezithatheka njengento ekhona ukugcina icala ngoba azisetshenziswa ukuletha izidingo zabantu ngokufanelekile. 

Kubalulekile ukubakhona kwezinqubomgomo, futhi imiphumela yazo kumele ibekhona ibonakale kuwo wonke umuntu. NgokoMasipala basekhaya, imiphumela emihle kumele igcine ilingana nokulethwa kwezidingo zabantu emiphakathini. Ngalekwaloko, noma zinganbakhona izinqubomgomo, ngeke abenamsebenzi. 

NgokoMasipala basekhaya, imiphumela emihle igcina seyilingana nokulethwa kwezidingo emphakathini. Ngale kwaloko, nomangabe kunezinqubomgomo ezinhle kangakanani, zizofana nezinto ezingelutho. Uma ngabe umphakathi utelekela ukulethwa kwezidingo, kungenxa yokungalethwa kwezidingo ezithize emphakathini, akukona ngenxa yokungabi nalwazwi kwabo ekuhlaziyeni izinqubomgomo. Bafuna ukubona imiphumele eqotho ngokusetshenziswa kwezinqubomgomo.  

Mhlawumbe sekufike isikhathi lapho kungaphoqwa ukuthi omasipala balandele izinqubomgomo kuphela, kepha kubhekelelwe ukusebenza ngokuzinikela nangokubonakalayo koMasipala basemakhaya, ngokuhlaziya ukuthi imuphi umsebenzi asebewenzile ukulekelela abantu ezindaweni zabo. 

Kubalulekile ukuba kulandelwe ubufakazi obugcwele esikhundleni sokukhombisa abantu  izinqubomgomo emahhovisi nakumafayela. Njengokuthi, kubhekwe izitatimende zezimali zikaMasipala ukubhekela ukuthi kufanele yini ukuthi ukuqoqwa kwezikweletu kwenzeke noma kubekhona, kumbe kusetshenziswe. Makubhekelwe ukusetshenziswa kwezinqubomgomo zabampofu, uma uMasipala engeke akwazi ukuthi loku kuhambisane nezinqubomgomo zokuqoqwa kwezikweletu, ukulungisa injwayelo yokungakhokhi kwalabo abangafanekile ukukhululwa.

Kafushane nje, sidinga ukwazi ukuthi iziphi izinqubomgomo zikaMasipala ezidlulisiwe, sidinga ukwazi umthetho osigunyazayo ukuthi sifinyelele kulezinqubomgomo kanye nasemiqingweni ebalulekile, sidinga ukubona uMasipala ehambisana nazo lezinqubomgomo nemiqingo. 

Okusho ukuthi oMasipala kumele bazithathele phezulu izinqubomgomo kanye nokuqaliswa kwazo.  


 

OUTA is a proudly South African civil action organisation, that is purely crowd funded. Our work is supported by ordinary citizens who are passionate about holding government accountable and ensuring our taxes are used to the benefit of all South Africans.